![ottimo OP-KT1188W Скачать руководство пользователя страница 15](http://html1.mh-extra.com/html/ottimo/op-kt1188w/op-kt1188w_instruction-manual_1658879015.webp)
ISIZULU
UKUXAZULULA INKINGA
1. Uma iketela lizicimela ngaphambi kokuthi libile.
- Lokhu kuvamise ukubangelwa ilokhu okukhekhebukayo okukhandeka ngaphakathi eketeleni
kanti lokhu kungaxazululwa ngokuthi uligeze ukukhekhebuka.
- Kungenjalo, iketela kungenzeka ukuthi kwenzeke iphutha lasetshenziswa lingenawo amanzi
noma linamanzi angenele, okubangela ukuthi kusebenze idivayisi yokuphepha. Ilungise
njengoba kuchaziwe ngezansi.
2. Ukulungisa ukucisha kokuphepha kokubila okomile.
- Linda imizuzu emihlanu iketela liphole, bese uphinda ugcwalisa amanzi. Cindezela iswishi
yokukhanyisa neyokucisha ON/OFF, bese kuthi emva kwemizuzwana emi-5 iketela
lizozisetha kabusha ngokwalo, bese liyaqala libile.
3. Uma iketela lingasebenzi.
- Bheka ukuthi iswishi yamandla ikhanyisiwe kusokhethi esobondeni.
- Uma iketela libile lingenamanzi, ukucisha ukuze liphephe kuzozisebenzela (bheka isigaba
esingenhla).
4. Uma amanzi enganambitheki kahle.
- Ngokujwayelekile lokhu kwenzeka uma uqala ukuliseebnzisa, akusiyo inkinga uma amanzi
okuqala abilisiwe echithiwe njengoba kushiwo esigabeni
“Ukusebenzisa iketela lakho”
. Uma
inkinga iqhubeka, gcwalisa iketela lifike kuMAX bese ufaka izipuni zetiye ezi-2 ze-sodium
bicarbonate. Bilisa bese uchitha amanzi.
5. Uma iketela liba nezinto ezikhekhebukayo ngaphakathi futhi/noma amanzi eba ngathi
amafu amhlophe.
- Uma uhlala ezindaweni ezinamanzi anzima, lokhu kubangelwa yi-calcium ne-magnesium
carbonate esemanzini, kudingeka ujwayele ukuligeza phakathi. Uma ufuna ukuthola kabanzi
ngohlobo lwamanzi asendaweni yakho, inkampani yamanzi yangakini ingakwazi
ukukweluleka.