7
UKUSEBENZA KOKUZIHLANZA
1. Lokhu kususa ukungcola okwakhela ezimbobeni zesitimu. I-ayina izohlala isesimweni esihle uma
lokhu kwenziwa noma kanye ngenyanga noma njalo kuye ngokuthi amanzi asetshenziswayo anzima
kangakanani.
2. Gcwalisa ithangi lamanzi libe uhhafu bese umisa i-ayina ibheke phezulu (Isithombe 1).
3. Xhuma i-ayina kugesi.
4. Beka isilawuli sezinga lokushisa kuMAX. Ilambu eliyinkomba lizokhanya ukukhombisa ukuthi i-ayina
ikhanyisiwe (Isithombe 2).
5. Ilambu eliyinkomba lizocisha uma isifinyelele ezingeni elikhethiwe lokushisa .
6. Khipha i-ayina kugesi.
7. Bamba i-ayina ibheke phezulu phezu kukasinki.
8. Phendula ikinobho lokulawula isitimu ulibeke endaweni yokuzihlanza
bese uyayikhipha.
Hambisa i-ayina iye emuva naphambili ngenkathi kuphuma isitimu namanzi abilayo ezimbobeni
zepuleti, lisusa ukungcola okwakhela ezimbobeni zesitimu (Isithombe 3 no-4).
9. Uma usuqedile ukuthi izihlanze, phendula isilawuli sesitimu sibe ku 0. Phendula i-ayina ibheke
phansi ukhiphe amanzi (Isithombe 5).
Qaphela:
Isikhumba/umzimba wakho mawube kude nezindawo ezishisayo.
UKUNAKEKELA NOKUSIHLANZA
1. Phendula isilawuli sezinga lokushisa sibe ku 0, khipha i-ayina kugesi bese uyayiyeka iphole.
2. Ukungcola nokunye ukujuza okusepuletini le-ayina kungasuswa ngendwangu ecwiliswe emanzini
anoviniga/namanzi.
3. Ukuhlanza ingaphandle le-ayina yakho, sula ngendwangu eswakeme bese uyayomisa.
4. Ungasebenzisi izinto ezihayayo, ezilimazayo nezinzima zokuhlanza uma uhlanza ipuleti le-ayina.
5. Gcina ipuleti le-ayina libushelelezi, unga-ayineli phezu kwezinto ezicijile ezifana nezikinobho,
imihlobiso, kanye noziphu.
UKUBEKA
1. Phendula isilawuli sesitimu nesezinga lokushisa sibe ku 0.
2. Khipha i-ayina eplakini.
3. Bamba i-ayina ibheke phansi uyinyakazise kancane ukuze kuphume amanzi asele ethangini
lamanzi.
4. Beka i-ayina ibheke phezuli bese uyayiyeka iphole.
5. Njalo beka i-ayina ngesithende sayo.
6. Ungayibeki i-ayina ihlale ngepuleti phansi noma uyibeke ngebhokisi.
ISIZULU